Ukudobela ukuthengisa kuwukusebenzisa ilungelo lakho lokudoba izinhlanzi. Lelilungelo kumele licelwe umuntu anikezwe lona ukuze alisebenzise, avune izinhlanzi olwandle noma asebenze umsebenzi ophathelene nokudoba ukuze athengise. Lifaka phakathi nokwenza umsebenzi ophathelene nokudoba kodwa ungazidli lezozinhlanzi. Ukuze usebenzise ilungelo lakho lokudoba, faka isicelo sephomedi yokudobela ukuthengisa ekhishwa ngungqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe. Ilungelo eligcwele noma elinqunyelwe liyanikezwa ezinhlobeni ezithile zezinhlanzi yigatsha lwakwa DEA&T ngokubheka inani elivunyelwe lokudotshwa kwezinhlanzi enqunywa njalo ngomnyaka ngungqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha.
Uqala ngokufaka isicelo selungelo lokudobela ukuthengisa ngaphambi kokuthi ufake isicelo sephomedi yokudobela ukuthengisa.
Ngaphezu kwephomedi yokudobela ukuthengisa, uzodinga iphomedi yokuthutha izinhlanzi ukuze ukwazi ukuzithutha.
Faka isicelo selungelo lokudoba ngakuthi umenywe ukuthi wenze njalo nguhulumeni abhale encwadini yezaziso zikahulumeni.
Thola ifomu lokufaka isicelo egatsheni eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma hamba uyolilanda lapho uzakutshelwa ukuthi ulilande khona ngabakwa DEA&T.
Fundisisa ifomu uqinisekise ukuthi uphetha zonke izimfanelo zesimiso zesicelo.
Gcwalisa, usayine ulithumele ifomu lakho namaphepha nezitifiketi ezidingekayo kanye nemali engabuyiselwa endaweni ozotshelwa yona noma ahhovisi lwakwa DEA&T eliseduze nawe.
umsebenzi wokuhluza uzoqala emuva kokudlula kosuku elibekiwe elijuba ukungena kwezicelo kanti imiphumela izomenyezelwa ngokubhalelana nabakwa DEA&T.
Isicelo sakho sizosetshenzwa izinyanga ezingu 1 kuya ku 3 noma ngaphezudlwana kuya ngokuthi umsebenzi ungakanani noma kuya ngokutholakala kwezinhlobo zezinhlanzi.
Isicelo sakho sizosetshenzwa izinsuku ezingu 7 noma ngaphezudlwana Kuya ngokuthi bangakanani abantu abafake izicelo.
